Kunomehluko phakathi kukajeqe nekhekhe, ikhekhe lithe ukuba mnandi ngoba linoshukela no-cream

Kunomehluko phakathi kukajeqe nekhekhe, ekhona-ke nawo amakhekhe awafani, kukhona omile nangahalisi noma uwabuka, bese kuba khona uhlobo lwekhekhe olukudonsa ukude luthi ngidle.

Ngiyacabanga usubonile ukuthi angiqonde kukhuluma ngakhekhe leli elibhakwayo, indaba yami isenkomeni, abanye abayibiza ngekhekhe abanye bathi isibaya somnumzane.

Kunomehluko phakathi kukajeqe nekhekhe, ikhekhe lithe ukuba mnandi ngoba linoshukela no-cream.

Mhlampe uyazibuza manje ukuthi kungani ngithanda ukukhuluma ngabafana nocansi, impendulo isobala…..ngaphandle kwamadoda nocansi zincane kakhulu izinto ezijabulisa abantu besifazane.

Kumele abantu besifazane bazi ukuthi ikhekhe yikhekhe ngoshukela. Ikhekhe lenziwa ngobunyoninco nangesineke kuze olidlayo ezokwazi ukuzwa ubulona nomehluko phakathi kwalo namanye amakhekhe.

Kunomehluko phakathi kukajeqe nekhekhe, ikhekhe lithe ukuba mnandi ngoba linoshukela no-cream.
Kunomehluko phakathi kukajeqe nekhekhe

Iphutha elibi elenziwa amantombazane, ukukhenikha inkomo/ikhekhe esebenzisa izinongo ezingafanele. Ngenxa yokwanda kwale ngwadla, ngibone kukuhle ukuthi ngibeke obala izinto ezingenabungozi ezingasiza amantombazane ekuqinisa izindonga zeJerikho.

Nakhu ongakwenza nokungaba nomphumela omuhle:

Funda ukuminca inkomo(kegel): Ukuminca kungumanqoba, uma uchama zifundise ukuthi umchamo uwudedele uphinde uwubambe, yenza lokhu uphindelela. Lokhu kuyasiza ukuqinisa amathambo enkomo nokuba nomphumela omuhle uma usocansini njengoba kwenza intombazane ikwazi ukubamba induku iyiqinise.

Ukuminca ungakwenza noma umile noma uhleli noma uphambi kwabantu, kuba ukwazi kwakho menzi…..kwazi bani mhlampe kwamina ngiyakwenza kwamanje ngengoba ngibhala.

Jwayela ukufika kuvuthondaba: Uma ufika kuvuthondaba, inkomo iyaziminca idedele yona ngokwayo, yenza lokhu iphindaphinda…Kuzwakala kusamsanganywana kodwa ochwepheshe bathi uma uvamile ukufika kuvuthondaba, izindonga ziyaqina ucishe uyele ebutshitshini.

Nuka kamnandi: Inkomo ayigezwa ngensipho futhi ayifakwa iziqholo, lokho kuyayilimaza futhi kungakudalela izifo. Imvamisa yigeze ngamanzi antukuthuku angafakwe lutho.

Kokusiza muntu wesifazane ukuthi udle iYoghurt nophayinaphu, kuze noma ubhutiza eza ngobuso, kudimeke iphunga le nkomo le mvelo.

Kunomehluko phakathi kukajeqe nekhekhe

Ukuqgoka amaphenti kakotini nakho kuyasiza ekugwemeni izifo, kumele ujwayele ukuthi ngezinye izikhathi uphefumulise inkomo. Uma isimo sikuvumela kumele uke ungaligqoki iphenti, uphinde ujwayele izingubo engingabambani kakhulu kuze izophefumula ngokukhululeka.

Angiyena udokotela kuphela ngiyazijwayeza izindlela zokugcina ikhekhe lami lisesimweni ngaphandle kokusebenzisa izinto ezingangidalela ubungozi.

https://www.mzansimagazine.co.za/phakathi-kukajeqe-nekhekhe/?feed_id=1877&_unique_id=641b15fa57ee4

Comments

Popular Posts