Umbondo Invitation | WhatsApp

Ngokwesiko lamaZulu intombazane uma isiganile noma ilotsholiwe, ihambisa umbondo kubo kamkhwenyana. Umbondo ukudla okunhlobonhlobo okuthwalwa amantombazane aphelezela umakoti uma eya emzini noma lapho eganele khona. Intombazane uma kade izocelwa iyaye ihambise umbondo obizwa ngokuthi ingqiba zinyawo zabakhongi, ngokwesiko uma kade kufike abakhongi bezocela isihlobo esihle intombazane leyo ekuziwe ngayo ibizwa ngomakoti ngoba isiganile. Umakoti uphathisa abakhongi izimpahla noma abuye abalandele nazo izimpahla okuba ukudla okudliwa kubo kamkhwenyana, kubizwa ngokuthi ingqiba zinyawo zabakhongi.

Kuqhutshekwe nokulobola umakoti ahambise ubhasikidi emzini. Ubhasikidi noma umbondo omncane. Umakoti uthenga indishi elingene athenge yonke inhlobo yokudla kwasekhishini, izinto zokwenza itiye ezimnandi, lokhu-ke ukuphatha mhla evakashele emzini okokuqala uyaye acele amantombazane ambalwa ukuba ampheleze. Umakoti uyaye acele umakotshana, umakotshana intombazane esencane ephelezela umakoti uma eya emzini, uyamlekelela emsebenzini uyamthuma ukuthatha izinto azidingayo ngoba umakoti kukhona lapho engangeni khona.

Contents

1 Umbondo omkhulu
2 Izinkuni
3 Ngelanga lombondo
4 English Summary

Umbondo omkhulu
Umakoti uhambisa ukudla okuningi okunhlobonhlobo sibala amafutha okupheka, impuphu, ushukela, amathanga, utshwala besizulu, amakhekhe, amatiye, izithelo, imifino, amazambane, ukudla kwesintu okunjengamadumbe, ubhatata, ummbila, kanye nezitsha zokudla azophakela kuzo abantu basemzini, emandulo kwakuba izinkezo, izinkamba, imbenge, kanye nemishanelo ngokuqhubeka kwesikhathi izinto zajika manje sekwenziwa ngendlela yesimanje.

Izinkuni
Uhambisa igoqo lezinkuni, kudala waye hamba uma izinsuku sezisondele aye emzini ayotheza, lapho ucela odadewabo nezihlobo zakhe ukuba zimlekelele, zifika lapho izintombi zitheze inqwaba yezinkuni ziyibeke egcekeni bese zakha igoqo, ezinye izinyanda bafika nazo ngelanga lombondo.

Ngelanga lombondo
Umakoti ugqoka isidwaba ayehloniphiswe ngaso abakhongi bakhe ukutshengisa isigaba asengene kuso. Izintombi zihlobe ngokwesintu zihlabelele zisine ingoma zithwala umbondo emakhanda zingene zishaye ukele kukikize omama bejabulela ukungena kukamakoti ekhaya nombondo. Umama noma umamezala walapho kuyiswe khona umbondo uyakuhlukanisa ukudla aphe omakhalwane nezihlobo babonge bajabule.

English Summary
Umbondo is one of the stages of lobola or marriage procedure performed by the bride. Normally, after the first delegation visits her home to ask for her hand in marriage, she gives the delegation the gifts or she takes them herself to her in-laws. And when she visits her in-laws after these negotiations she takes gifts, in a form of a basket or a metal basin where she put some basic things of making tea, biscuits and dishes to make tea with. She is accompanied by girls and one of them will stay behind as her maid. The maid’s role is to help bride and run errands for her, because there are places that she cannot access in the homestead.

Towards the big day, the bride takes a lot of different food to the groom’s family, e.g. rice, mielie meal, samp, cooking oil, traditional food etc. These are the gifts for the mother-in-law that she shares between her family and neighbours. During this day she brings a pile of woods that she have been collecting with the help of her sister. In the olden days, a bride arrived at the groom’s home a few days before the day of the ceremony to collect the pile of wood.

Umbondo
Umbondo kusuke kuyindlela yokukhombisa ukuthi bafikile abakhongi bavunywa lapho kade beyocela khona nokuthi bayabonga abomndeni wakubo ntombazane. Futhi bayafisa ukuthi baqhubeke benze nokunye. Kwezinye izindawo imibondo kuyenzeka ukuthi ibe mbili, kuba umbondo omncane nombondo omkhulu. Umbondo omncane uhanjiswa kubo kamkhwenyana, ngemuva kokuthi kade kufike abakhongi bezocela intombazane, uhanjiswa abakubo kantombazane. Umbondo omkhulu uhanjiswa ngemuva kokuthi abakhongi sebelethile izinto zikababa noma izinkomo lezi abezicelile ngesi


We Do Everything from Logo Design, Branding, Poster Event, and Offer Design Services to Businesses of All Sizes around Durban. If You Need Any Of Our Services Do Not Hesitate To Contact Us.

Feel Free To Drop Your Comment And Remember To Click Share
Stay Connected With Us
Facebook
Instagram
Twitter
Blog
Tumblr
Pinterest
Youtube Channel
Flickr
WhatsApp
Website


Successful people are always looking for opportunities to help others. Unsuccessful people are always asking, 'What's in it for me?'

Creative Commons Licence
This work is licensed under a Creative Commons Attribution 4.0 International License.

Copyrighted.com Registered & Protected 
S2TF-OTCS-CTFE-P5PM

Warten Weg © 2016

Comments

Popular Posts